Kuyini ukuqapha ngokwesigceme?
Lokhu kuyindlela elula, lapho leyo ndawo eqashiwe ihlukaniswa izigatshana ezincanyana nokulula ukuziqapha ezaziwa NGEZIGCEME. Kube sekuqokwa umphathi wesigceme ukuba engamele isigceme esithile nokuba nguyena osebenza ngokubambisana nezakhamuzi kanye nabo bonke abathintekayo ekunqandeni ubulelesi obuvamile kuleso sigceme. Bonke ababambe iqhaza babe sebezibandakanya ekuhlonzeni izidingo zokuphepha nokuvikeleka eziqondene nesigceme sabo bese futhi bezama ukuthola umnyombo wobelelesi ngalokho baqiniseke ukuthi buyanqandeka ubulelesi kuleso sigceme esithile.
Nobabili ninomsebenzi wokuhlonza izidingo zokuphepha nokuvikeleka kanjalo nokuthi nibheke umnyombo wobulelesi, ngalokho niqinisekise ukuthi ubulelesi buyanqandeka esigcemeni senu.
Ukuzibandakanya kwakho kuzoletha umphumela ningabi novalo lobulelesi esigcemeni senu nithole izixazululo ngobulelesi obukhungethe indawop yenu lapho nenimihlangano yezigcawu ezilwa nobulelesi.
ukunikeza amaphoyisa ulwazi ngezenzo zobulelesi ezenzeka esigcemeni senu ukusebenzisa izindlela ezobuntu nezesekelwe ekhaya ekutholeni izixazululo zobulelesi esigcemeni sakho kanye nokuthi kusetshenzwe ngokubambisana phakathi kwakho, umphathi wakho wesigceme weSouth African Police Service.
Kuyini ukuqapha ngokwesigceme?
Lokhu kuyindlela elula, lapho leyo ndawo eqashiwe ihlukaniswa izigatshana ezincanyana nokulula ukuziqapha ezaziwa NGEZIGCEME. Kube sekuqokwa umphathi wesigceme ukuba engamele isigceme esithile nokuba nguyena osebenza ngokubambisana nezakhamuzi kanye nabo bonke abathintekayo ekunqandeni ubulelesi obuvamile kuleso sigceme. Bonke ababambe iqhaza babe sebezibandakanya ekuhlonzeni izidingo zokuphepha nokuvikeleka eziqondene nesigceme sabo bese futhi bezama ukuthola umnyombo wobelelesi ngalokho baqiniseke ukuthi buyanqandeka ubulelesi kuleso sigceme esithile.
Ukuzibandakanya kwakho kuzoletha umphumela ningabi novalo lobulelesi esigcemeni senu nithole izixazululo ngobulelesi obukhungethe indawo yenu lapho ninemihlangano yezigcawu ezilwa nobulelesi ukunikeza amaphoyisa ulwazi ngezenzo zobulelesi ezenzeka esigcemeni senu ukusebenzisa izindlela zobuntu nezesekelwe ekhaya ekutholeni izixazululo zobulelesi esigcemeni sakho; kanye nokuthi kusetshenzwe ngokubambisana phakathi kwakho, umphathi wakho wesigceme weSouth African Police Service.
Nobabili ninomsebenzi wokuhlonza izidingo zokuphepha nokuvikeleka kanjalo nokuthi nibheke umnyombo wobulelesi, ngalokho niqinisekise ukuthi ubulelesi buyanqandeka esigcemeni senu.